Kushone usaziwayo wamabhayisikili uStander

2013-01-04 11:00
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umdlali wamabhayisikili waseNingizimu Afrika uBurry Stander ushonile engozini ehlanganisa imoto ngoLwesine, kuqinisekise iCycling SA (CSA).

"Ubesendleleni ephuma kozilolonga ngaseShelly Beach, ogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal, washayiswa yimoto,” kusho okhulumela i-CSA uMylene Loumeau.

Amaphoyisa ayaphenya, ngokusho kweCSA.

UStander, 25, waphuma isihlanu enjahweni wabesilisa we-cross country kuma-Olympics ka-2012 eLondon.

Eminyakeni emine eyedlule, eBeijing Games, wakhombisa ikhono lakhe ngesikhathi eqeda engunombolo-15 kuyona i-cross country eneminyaka engu-20 kuphela ubudala.

Ngo-2011, uStander waba ngowokuqala eNingizimu Afrika ukunqoba iCape Epic eWestern Cape, nozakwabo waseSweden uChristoph Sauser, kanti baphinde basivikela isicoco sabo ngo-2012.

"Lezi yizindaba ezidumazayo selokhu ngangena kwezamabhayisikili eNingizimu Afrika eminyakeni eyishumi eyedlule. uBurry ubeyisihlabani sethu,” kusho umsunguli weCape Epic uKevin Vermaak.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngeke abonakale uMusona

2014-04-23 14:02
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...