Kuphawulwe ngenkundla yaseMbombela

2013-01-31 12:03

Johannesburg - Umphathi weMbombela Stadium uRoelf Kotze uthi isimo sezulu esingesihle esibonakale kule ndawo muva nje yisona sizathu esenze isimo senkundla yaseMbombela singagculisi.

Le nkundla eseNelspruit, kukhulunywa kabi ngayo kulandela ukuba amaqembu abedlala kuyona, njengoba kuqhubeka imidlalo yeAfrican Cup of Nation, eyigxekile njengoba ifakwe isihlabathi.

Ukapteni weTogo u-Emmanuel Adebayor ushiye angalazi ngoLwesithathu ebusuku ngesimo senkundla, wathi: “ ukukhuluma iqiniso nje, ukudlala enkundleni enjena kuyaliphoxa izwekazi lethu lase-Afrika, ikakhulukazi njengoba le midlalo iboniswa emazweni omhlaba.”

IKickOff.com ithintane noKotze, obe esechaza ukuthi kungani inkundla ibenjena.

"Sibe nezimvula ezinamandla ezingalinganiselwa ku-250 mm ngoDisemba28 ngakho inkundla yaba namaxhaphozi, okunzima ke ukuwaqeda ngesikhashana ezincane. Inkinga  ukuthi ngeke sikwazi ukusebenzisa imithi yakhona ngoba asifuni ukubulala utshani,” usho kanje.

"Ngakho kudingeke kusetshenziswe kuqala ezinye izindlela zokuzama ukuqeda ubumanzi benkundla ngokuthi sifake isihlabathi ukuze inkundla yome. Kodwa kuthe ngemuva nje kwalokho kwalandela enye imvula nayo engu-250 mm, okusho ukuthi kunethe imvula engu-500 mm esikhathi esifushane. Konke lokhu kube yimbangela ekudalekeni kwale nkinga,” ephetha.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...