'Kungukumosha isikhathi ukuncenga uSurman'

2012-11-13 12:01

Johannesburg - Umqeqeshi weBafana Bafana, uGordon Igesund, uthi ulahle ithemba ngoAndrew Surman kungakapheli nemizuzu emihlanu ehlangene nalo mdlali weNorwich City, kubika iKickOff.com.

USurman useke wadlalela iqembe laseNgilandi labangaphansi kweminyaka engu-21 kanti ngokusho kuka-Igesund, akazimisele ngokudlalela iBafana Bafana.

"Ngicabanga ukuthi bekuwumsebenzi wami ukuhlangana noSurman kodwa kuthe ingakapheli nemizuzu emihlanu kuya kweyisithupha ngabona ukuthi ngizimoshela isikhathi nje," kusho u-Igesund.

"Angicabangi ukuthi ukhombise ukuyithanda eyokumcabanga kwami. Ngokwami ngeke ngimgxeke yena. Wazalelwa lapha, kodwa kufana nokuthi ungowaseNgilandi," kusho yena.

USurman wazalelwa eGoli eminyakeni engu-26 eyedlule, lapho abazali bakhe abangabaseBrithani ababehlala khona ngesikhathi ubaba wakhe esebenzela inkampani yomshwalense.

U-Igesund uyavuma ukuthi akusizanga ngalutho ukuzama ukuncenga uSurman ukuba adlalele iBafana.

"Ngicabanga ukuthi ukuba ngizamile ukumncenga bekuzofika lapho ecabanga khona ukuthi simncengile ngakho angicabangi ukuthi ngifuna akuba nabadlali abazocabanga kanjalo bezitshela ukuthi basenzela umusa... Ngase ngikhetha ukumyeka."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...