Kumnandi kakhulu ukudlala eChina - Chansa

2012-11-28 14:03

Johannesburg - Umdlali odlala esiswini waseZambia owayedlalela iOrlando Pirates uIsaac Chansa uthi imnandi impilo eChina.

UChansa washiya iPirates ngoJuni eseyodlalela iqembu laseChina iHenan Jianye, wasayina inkontileka yeminyaka emithathu.

Lo mdlali waseZambia uthe okubebuhlungu nje ngesizini yakhe yokuqala kuleli qembu ukuthi lidliwe yizembe.

"Impilo imnandi eChina ngaphandle nje kokuthi sidliwe yizembe," kusho uChansa etshela iKickOff.com.

"Kuyadumaza ukuthi iqembu liya ehlathini."

"Kodwa mina nje ngingedwa ngingasho ukuthi ngenza kahle futhi ngizithola senginethezekile."

UChansa uqhube wathi kungenzeka aqhubeke ahlale kuleli qembu ukuze alisize emzamweni yalo wokubuyela esigabeni esikhulu seligi ngesizini elandelayo.

“Sesike salukhuluma lolu daba neqembu lami, lifuna bonke abadlali bahlale bangalishiyi kodwa lokho kuzokwenzeka uma sekuphele i-Africa Cup of Nations noma ngaphambi kokuba iqale,” kusho uChansa.

UChansa udlale imidlalo engu-15 eqenjini lakhe laseChina wakwazi ukufaka amagoli amabili.

Iqembu lakhe iHenan liqede isizini lisemsileni weChinese Super League enamaqembu angu-16, nesanda kuphela.

Khonamanjalo, ngesikhathi ebuzwa ukuthi yini ayikhumbula kakhulu ngePirates, uChansa uvele wahleka wathi: "Awu, abalandeli."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...