Kumele siyinqobe i-TKO - September

2012-11-16 14:02

Pretoria - Ukaputeni weSuperSport United uThabo September ukholelwa ekutheni ukuwina kwabo iTelkom Knockout Cup kuzophendula amatafula eqenjini kulandela uhide lwemiphumela engemihle, kubika iKickOff.com.

USeptember uyavuma ukuthi ezakhe azenzi kahle kule sizini ngemuva kokudlala ngokulingana imidlalo eyisishiyagalombili, bawina owodwa kwathi omunye bahlulwa kuwona.

Lokhu kulandela ukuhlulwa kowamanqamu weMTN8 ngesikhathi idlala neMoroka Swallows ngoSepthemba.

"Kuhlezi kunengcindezi uma udlalela iSuperSport, sizwa sengathi kumele siyinqobe yonke imidlalo esiyidlalayo. Kulokhu sifuna ukudlala kuwamanqamu siphinde siwunqobe," kusho uSeptember.

ISuperSport izotholana phezulu neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ebusuku.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C High level clouds. Cool. Pta: 21-31°C a few showers. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-33°C More sun than clouds. Hot. PE: 17-26°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...