Kumele sivuke sizithathe - De Sa

2013-02-26 10:01

Johannesburg - I-Orlando Pirates ihlelele ethembeni lokhi uma ingase ishaye iMoroka Swallows kusihlwa abantu bangathi ukukhohlwa 'yilowa' 4-1.

AmaBhakabhaka adonsa kanzima ekutheni adlule ehlazweni lokushaywa yiMaluti FET College emdlalweni weNedbank Cup.

I-Orlando Pirates ihlelele ethembeni lokhi uma ingase ishaye iMoroka Swallows kusihlwa abantu bangathi ukukhohlwa 'yilowa' 4-1.

Yisikhathi esinzima eqenjini lePirates lesi, njengoba ingagcinanga nje ngokukhishwa kulo mqhudelwano, kodwa iphinde yahlawuliswa u-R100 000 ngokungaziphathi kahle kwabalandeli ngesikhathi bedlala neSuperSport United kowe-MTN8 ngonyaka odlule.

Ngesikhathi iphupho labo lokuphinda bathathe izinkomishi ezintathu ngesizini eyodwa lishabalele ngempelasonto, leli qembu linethuba lokuthatha amaphuzu amathathu ngokuthi bashaye iZinyoni - nokuyinto ezokwenza ukuthi bahlale endaweni yokuqala kwilogi.

“Kuzomele sibuyise izinduku," kusho uRoger de Sa etshela iKickOff.com.

“Lo mdlalo ubalulekile. Kuzomele sithole amaphuzu agcwele ngoba lokho kuzosiza sikwazi ukunqoba iligi.

“Kodwa futhi asikhohliwe yimidlalo yeCAF Champions League. Sizimisele ngokwenza kahle nakhona," kusho uDe Sa.

Khonamanjalo, ukunqoba lo mdlalo kubalulekile naseqenjini iSwallows, nabo abafuna ukuthola umphumela umuhle ngemuva kokukhishwa kuNedbank Cup ngempelasonto.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChippa iyasihlonipha isinqumo sePSL

Emizuzwini eyi-23 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...