Kumele siqhubeke ngegiya lethu - Bobby
2012-11-06 12:01
Johannesburg – Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung, uthi iqembu lizimisele ngokuqhubeka nokudlala kahle, ligcine irekhodi lalo lokungashaywa uma selihlangana neGolden Arrows ngoLwesibili ebusuku.
Amakhosi azobhekana naBafana Bes'thende enkundleni yezemidlalo iPeter Mokaba Stadium, ngo-19:30, kubika iKickOff.com.
UMotaung uthi noma lo mdlalo ungeke ube lula, uthi kubalulekile ukuthi abadlali babe nokuzimisela kuze bezohlala beqhwakele.
"IGolden Arrows ihlale njalo inomdlalo odidayo, ihlale isinika inkinga. Sinamagqubu esiyibambele wona, kumele siyikhombise,” esho.
"Umqeqeshi uStuart Baxter uchazele iqembu ukuthi kumele lihlale liqaphele, wonke umuntu ngaphakathi eqenjini unokuzimisela.”
Isethenjwa somdlali uBernard Parker, angase angabonakali, kulandela ukulimala eqakaleni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24