Kumele singazibeki phansi - Mosimane

2012-12-19 10:23

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi asikho isikhathi sokudembesela uma iqembu lakhe selibhekene neChippa United koweligi e-Athlone Stadium ngoLwesithathu ebusuku, kubika iKickOff.com.

Lokhu kulandela ukunqoba imidlalo ilandelana beshaya iBlack Leopards neBidvest Wits nokwenze banyukela endaweni yeshumi kuPremiership.

Kodwa lo mqeqeshi owayecija iBafana Bafana wesaba ukuthi abadlali bakhe sebezocabanga ukuthi sebeqalile ukwenza kahle kanti lokho kungabalimaza uma sebebhekene nomakoti beligi.

"Siwubheke ngabomvu umdlalo esizowudlala neChippa. Ngeke kube ngumdlalo olula ngoba abadlali babuye benze okwabo."

UMosimane uphinde wexwayisa ezakhe ngokuthi zingayibukeli phansi iChippa njengoba nayo iwafuna amaphuzu amathathu ukuze isuke kule ndawo ekuyona.

"Bayawadinga amaphuzu, kakhulu. Nathi sidinga ukunyukela phezulu kodwa iChippa iwadinga kakhulu amaphuzu amathathu kunathi," esho.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...