Kumele sikhuphule amasokisi - Marques

2012-11-08 10:00
Yabelani Shicilela

Johannesburg - IMoroka Swallows isiphonselwe inselelo izimbangi zayo kuPremiership ngakho ithi kumele ikhuphule amasokisi, ngokusho komqeqeshi uZeca Marques, ngaphambi kokugadulisana neChippa United eDobsonville ngoLwesihlanu ebusuku.

ISwallows inezinsuku ezintathu kuphela ukuphendula amatafula kulandela ukuguqiswa kwayo yiBidvest Wits ngo 2-0 maphakathi nesonto.

“Sekucacile manje ukuthi siyafa yisibhaxu,” kusho uMarques.

Uthe abadlali bakhe kumele bashintshe indlela abenza ngayo izinto enkunleni njengoba babenza ngesikhathi beze bewina iMTN8 ngoSepthemba.

"Kumele sibatshengise ukuthi kungani singoshampeni. Kwesinye isikhathi kubiza ukuthi sishaywe ukuze sivuke emaqandeni."

ISwallows ibukeka isilela emuva emjahweni wesicoco seligi, njengoba isendaweni yesikhombisa kanti isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwabaqhwakele iKaizer Chiefs.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Increasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...