Kumele sifike kowamanqamu - Serero
2012-12-28 10:52
Johannesburg - Umdlali wasesiswini kuBafana Bafana uThulani Serero uthi ukufinyelela kowamanqamu kuphela ku-2013 Africa Cup of Nations okungaba yinto engcono, okunye kuyoba ukubhacaza.
Ngokombiko we-Football411.com, kuzobe kulindeleke lukhulu esizweni okuyisona esizobe sisingethe le midlalo.
USerero, nokungazeki kahle ukuthi uzodlala yini kule midlalo ngenxa yokulimala, ukholelwa ukuthi iBafana inakho ukufinyelela kowamanqamu.
"Kumele sijabulise izwe ngokuthi sifike kowamanqamu," kusho lo mdlali we-Ajax Amsterdam.
"Njengoba sidlalela ekhaya, maningi amathuba okuthi siyinqobe i-Africa Cup of Nations."
Iqembu likaGordon Igesund likuGroup A neMorocco
kanjalo ne-Angola.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24