Kumele nginyuse amasokisi - Myeni

2012-12-12 10:04

Johannesburg - Umdlali we-Orlando Pirates uSifiso Myeni uyavuma ukuthi kudingeka emidlalweni yokugcina yonyaka enze kangcono kunalokho akwenza bedlala neKaizer Chiefs.

AmaBhakabhaka azodlala neMaritzburg United ngoLwesihlanu, kanti uthi lo mdlalo ubalulekile kuPirates njengoba isemizamweni yokuvala igebe phakathi kwayo neChiefs ngaphambi komlenze wesibili wesizini.

“Sesidlulile emdlalweni esiwudlale neChiefs,” etshella i-OPFC.com. “Kumanje sizilungiselela umdlalo neMaritzburg. Iyiqembu elinzima ngakho ngicabanga ukuthi kuzodingeka sidlale ngokuzimisela uma sizimisele ngokulishaya.

"Sizimisele ngokunqoba lo mdlalo ukuze sivale igebe phezulu. Umlenze wesibili wesizini uzobe usunzima kakhulu kuwo wonke amaqembu, ngakho ngeke sikwazi ukuwayeka amaphuzu amathathu.

“Engizitshele khona ukuthi kumele ngidlale kangcono kulo mdlalo – angikho ngaphansi kwengcindezi kodwa ngingenza kangcono kunalokhu engikwenzile ngempelasonto edlule kowomkhaya,” usho kanje.

Umdlalo wePirates neMaritzburg United uzoba seNelson Mandela Bay Stadium, kanti uzoqala ngo-20:00.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Izinto azihlangani - VV

2014-10-22 07:04
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...