Kumele nginyuse amasokisi - Modise

2012-09-11 11:01

Johannesburg - UTeko Modise uthi ukushiywa kwakhe ngaphandle eqenjini leBafana Bafana sekumnike isikhathi sokubhekisisa ukungenzi kahle kweMamelodi Sundowns kule sizini, kodwa futhi uthi bakha amasu azobasiza ngokuzayo.

AmaBrazilians awenzi neze kahle selokhu kuqale isizini, njengoba ehlulwe imidlalo emibili anqoba owodwa emidlalweni emithathu yePSL, umdlalo wabo wokugcina baguqiswa yiMaritzburg United ngo 2-1 bedlala ekhaya, nowaphetha abalandeli befuna umqeqeshi uJohan Neeskens akhonjwe indlela.

Kodwa, uModise uthi umqeqeshi akuyena kuphela okumele agxekwe ngokungenzi kahle kwabo, uphinde watshela iFootball411 ukuthi sekuyisikhathi sokuba ezakhe zizinuke amakhwapha.

"Ngicabanga ukuthi abadlali kumele badlale ngokuzimisela okukhulu. Kumele sidlale sengathi sidlala okokugcina,” kuqhuba lo mdlali.

"Akusizi ukushintsha ithimba labaqeqeshi. Kuxoshwe abaqeqeshi ngoba abadlali bengawenzi umsebenzi ngendlela.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...