Kudlule ubaba kaSerero emhlabeni

2012-05-29 10:06

Johannesburg - Isihlabani somdlali weBafana Bafana uThulani Serero kudingeke ukuthi adedelwe ekhempini yeqembu emuva kokuthola ukuthi sekudlule ubaba wakhe emhlabeni ngeSonto ebusuku, kubika iKickOff.com.

Kodwa lo mdlali ogijima ku-Ajax Amsterdam ukhululekile ukubuyela ekhempini noma yinini uma esezizwa ekulungele ukumela isizwe.

IBafana isekhempini eRustenburg izilungiselela imidlalo yokuhlungelwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2014.

Izobhekana ne-Ethiopia eRoyal Bafokeng Stadium ngoJuni 3 neBotswana eGaborone ngoJuni 9.

“Sizwelana kakhulu noSerero kulesi sikhathi esinzima, sithi nje akaqine idolo,” kusho umqeqeshi weBafana uPitso Mosimane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 20-31°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 18-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...