Kubuhlungu kakhulu okusehlele - Furman
2013-02-04 08:15
Johannesburg - Iqembu lesizwe iBafana Bafana ishaywe ngo 3-1 kuma-penalty yiMali yase iyaphuma kule midlalo ye-AFCON emdlalweni odlalelwe eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
Ngokombiko we-soccerladuma.co.za, omunye wabadlali abashwebe ama-penalty, uDean Furman ubatshele ukuthi kungumuzwa obuhlungu kakhulu ukuhlulwa ngaleya ndlela.
Lo kaputeni we-Oldham Atheltic kepha uthe iqembu kumele libheke imidlalo ezayo manje njengoba iseminingi ebalulekile abazobhekana nayo.
Uthe abadlali bathanda ukubonga isizwe ngokubeseka ngokupheleleyo wathi baqhubeke ngale ndlela.
"Kubuhlungu, kunzima kakhulu kimina ngoba ngishwebe i-penalty. Umdlalo siwudlale kahle kakhulu kanti manje kumele silwele ukuhlungelwa oweNdebe yoMhlaba," kusho lo mdlali ozinze e-England.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24