Kubhekwe uMasuku noBacela kwi-Arrows

2015-07-06 13:32

Johannesburg – Kulindeleke ukuthi iLamontville Golden Arrows iqinise isikwati sayo ngabadlali abambalwa be-Orlando Pirates ngaphambi kokuqala kwesizini ye-Premier Soccer League.

Ngokubika kweSowetanlive kusolakala ukuthi u-Arrows izohlomula ngabadlali okubalwa kubo unozinti uPhilani Zikalala, isiqongqwane sasemuva uGladwin Shitolo, umdlali wasesiswini uKhethokwakhe Masuku nomgadli uLennox Bacela.

Laba badlali kubikwa ukuthi bangase bajoyine leli qembu ngoMsombuluko ukuzoqalala amalungiselelo esizini ezoqala.

OLUNYE UDABA:  Kungenzeka aphinde abolekiswe umgadli weDowns

“Sengingakuqinisekisa ukuthi silinde abadlali abasuka kwi-Orlando Pirates abazofika ngoMsombuluko.

Imininingwane mayelana nokuthi bazobe bebolekisiwe noma bethengwe ngokugcwele lokhu kwaziwa ngabaphathi bala maqembu kuphela,” kusho okhulumela i-Arrows uVusimuzi Vilakazi. 

ULerato akasekho ezinhlelweni zomqeqeshi kanti ngokwazi kwami usejoyine iChippa United,” esho.

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...