Kubanjwe umoya ngoSerero

2012-11-14 10:03

Johannesburg - Umdlali wasesiswini ku-Ajax Amsterdam uThulani Serero angase akwazi ukuthi abuyele esikwatini seBafana Bafana esizodlala kowe-2013 Africa Cup of Nations, kubika iFootball411.com.

Lo mdlali owazalelwa eSoweto akadlalanga izinyanga ezimbili kulandela ukulimala kwakhe emdlalweni weligi ne-ADO Den Haag.

Sekuvele imibiko ethi uSerero usebuyele ekuzilolongeni neqembu.

Ngaphambi kokulimala kwakhe, lo mdlali, 22, ubengomunye wabadlali abangasali esikwatini seBafana.

USerero wafaka amagoli angu-17 emidlalweni engu-63 ne-Ajax Cape Town ngaphambi kokuya ku-Amsterdam ngo-2011.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 21-27°C More sun than clouds. Warm. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-32°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-28°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 22-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...