Konakele konakele - De Sa

2012-12-07 12:02

Johannesburg - Umqeqeshi wezikaMagebhula, i-Orlando Pirates, uRoger De Sa uthi okuzokwenzeka eSoccer City ngoMgqibelo, angakufanisa nokwabonwa yigungane lijahwa yikati, kubika iKickOff.com.

Indod'emnyama izoshikilisana nezimbangi zayo ezinkulu, ezikaMotaung, iKaizer Chiefs.

U-RDS uthi umdlalo wangoMgqibelo uzokuba mnandi kakhulu.

"Abantu baphuma ngobuningi babo uma kuhlangene lezi zinkunzi zaseSoweto. Asibhekile kuphela amaphoyinti kulo mdlalo."

"IChiefs inomdlalo omuhle, lokhu kunyusa ingcindezi. Womabili amaqembu ayathanda uma ehlangana."

U-RDS owake wavimbela iqembu lesizwe, uthi unamathemba okuthi ezakhe zizokwenza kangcono kakhulu kunokwenzeke ngoLwesithathu, ngesikhathi zibhekene neChippa United.

"Sizokhipha wonke amangwevu. Ngiwulangazelele kakhulu lo mdlalo. Phambilini bengike ngibe yingxenye yomdlalo phakathi kweSwallows nePirates, manje yiPirates ne Chiefs."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...