Khohlwani okungasemuva - Igesund

2013-01-25 14:03

Johannesburg - Umqeqeshi uGordon Igesund uthi isizwe kumele siqale ukubhiyoza uma "sesiqinisekisiwe ukuthi sidlulela emzuliswaneni olandelayo" kowe-Afcon njengoba iBafana Bafana izodlala neMorocco, kubika iKickOff.com.

IBafana neyashaya i-Angola ngo 2-0 ngoLwesithathu, manje izobhekana neMorocco ngeSonto.

“Imidlalo yokugcina idlalwa kanye kanye ngenxa yokugwema ukuthi amaqembu adlalele imiphumela ethile," kusho u-Igesund.

“Sinqobe umdlalo wesibili, kodwa lokho akumele kugcwale emakhanda ethu, ngoba kudingeka sibhekane nalo mdlalo ozayo manje nokuyiwona ozonquma ukuthi siyadlulela na phambili noma cha.

“Siyakwazi ekumele sikwenze ngeSonto. Ngeke silokhu sijabulela into esidlulile. Kumele sibungaze ngemuva komdlalo konke sekucace bha."

U-Igesund washintsha abadlali abayisihlanu esikwatini esadlala ngokulingana emdlalweni ongabanga namagoli neCape Verde ngesikhathi kuvulwa le midlalo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...