Izokwenza umhlola iChiefs - Doctor
2012-12-07 10:01
Johannesburg - Umelekeleli womqeqeshi weKaizer Chiefs uDoctor Khumalo, uthi ukusebenzisana yikona okuzokwenza ezakhe ziphumelele uma sezibhekene nomkhaya bazo i-Orlando Pirates, ngoMgqibelo.
UKhumalo, ngezikhathi zakhe owadlala imidlalo eminingi ebhekene nezimbangi zaMakhosi, iBhakabhaka, uthi ukholwa ukuthi iziMpofana zizophuma zihleka eSoccer City.
"Ngibathemba kakhulu abafana, bazowunqoba umdlalo wangoMgqibelo," esho ekhuluma ku-kaizerchiefs.com.
"UBernard Parker usemfuthweni kakhulu kulezi zinsuku, kukhona noLehlohonolo Majoro noKingston Nkhatha. Bazoyenzela into yamehlo iBhakhaniya."
"UReneilwe Letsholonyane unomdlalo omuhle, uSiphiwe Tshabalala ukwazi ukushintsha umdlalo kungazelele muntu. Wonke umuntu wabona ukuthi wenzani uSiboniso Gaxa, sibhekene ne-Ajax. Emuva sivale ngenkunzi u-Itu, esho ebhekise kunozinti u-Itumeleng Khune."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24