Izimisele ngokushaya iNigeria iBanyana
2012-11-06 16:37
Johannesburg - Iqembu lesizwe iBanyana Banyana ithi izimisele ngokuthi inqopbe umdlalo wayo neNigeria, uma la mazwe ehlangana kowandulela owamanqamu we-African
Women's Championships, eBata, e-Equatorial Guinea.
"Siyazi bayiqembu elinzima kakhulu, bangompetha e-Afrika," kusho umqeqeshi uJoseph Mkhonza, ngoLwesibili.
"Size kule midlalo neqholo lokuziveza ukuthi silele kunombolo-56 emhlabeni, silale endaweni yesine e-Afrika, sizodlala ngempela."
Wonke amaqembu aphezulu ohlwini lwamazwe ase-Afrika, okuyiNigeria, Equatorial
Guinea, Cameroon neNingizimu Afrika, aphumelele ukungena kowandulela owamanqamu.
Ngasekuqaleni konyaka iBanyana yadlala ngokulingana neNigeria, emdlalweni wesihle owabe useRustenburg, umdlali weMamelodi Sundowns Ladies u-Andiswe Mgcoyi nguyena mdlali ohamba phambili ngamagoli kulo mncintiswano, njengoba eseshaye aze aba mane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).