Iyaxega phambili iBafana - Tovey
2013-01-10 09:01
Johannesburg - Owabe engukaputeni weqembu lesizwe iBafana Bafana, uNeil Tovey, uthi iBafana Bafana kumele ibe nomnyakazo ewenzayo phambili, kuze izokwazi ukuhlakaza udonga lwezimbangi zayo.
INingizimu Afrika ibibonakala idlala kahle ngesikhathi ibhekene neNorway, emdlalweni wayo obanjelwe eCape Town Stadium ngoLwesibili ebusuku, kodwa yagcina idliwa ngelilodwa eqandeni.
UTovey owayehola iqembu elathatha i-Afcon ngo-1996, uthi ubone ithembisa kakhulu iBafana, kulo mdlalo wayo wakamuva.
"Kunezimpawu ezinhle nezimbi ezigqame emdlalweni, ngiyakholwa noGordon Igesund uzibonile lezi zimpawu engikhuluma ngazo."
"Abafana babe namathuba amaningi, kuhle lokho. Ngicabanga ukuthi kunezinqumo ezingazinhle nokho ezithe zathathwa," kusho le nkakha eyake yagijima kumaZulu nakuKaizer Chiefs.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).