Isikhulu sebhola lezinyawo sithi sizolingena izulu

2015-07-03 12:31

Munich - Umengameli weFifa, uSepp Blatter, umile kwelokuthi akanacala, futhi uthi ngelinye ilanga yena uzolingena izulu.

Lo mholi weFifa oneminyaka engu-79 ubudala ngenyanga edlule umemezele ukuthi uzokwesula esikhundleni sakhe kulandela uphenyo ngezenzo zenhlakalo kule nhlangano eyengameli ibhola lezinyawo emhlabeni, kanti uthi yena akathinteki kulezi zinsolo.

"Umuntu othi nginenhlohlakalo ngenxa yokuthi iFifa inenkohlakalo, akukuningi engingakusho ngaphandle kokunikina ikhanda,” kubika iphephabhuku laseJalimane iBunte.

"Noma ngabe ubani osho leyonto kumele aboshwe,” usho kanje.

Funda nalolu daba: Thola ukuthi kungani uGeorge ekhethe ukuhlala eNaturena

UBlatter uphinde wadalula ukuthi yena ungumuntu okholwayo, usebenzisa ukholo lwakhe ukudlula ezikhathini ezinzima, kanti futhi ngelinye ilanga uzoya ezulwini.

"Ukholo lwami lungiqinisile emasontweni edlule. Ngingumuntu okholwayo futhi ngiyathandaza. Nginesiphambano engasiphiwa uPhapha uFrancis," kusho uBlatter.

"Ngiyakholwa ukuthi ngelinye ilanga ngizoya ezulwini. Kodwa futhi ngikholelwa ukuthi asikho isihogo. Ngiyaphikisana noPhapha kulokho.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...