Iphinde yamphunyuka i-Afcon uDrogba

2013-02-04 12:00

Rustenburg - Kuphinde kwambhedela uDidier Drogba, emizwamweni yakhe, ekubukeka sengathi bese kungeyokugcina yokuthi azame ukuwinela izwe lakhe indebe ye-Africa Cup of Nations.

Izwe i-Ivory Coast likhishwe yiNigeria ngo 2-1, emdlalweni wangeSonto ebusuku, obanjwelwe enkundleni yezemidlalo iRoyal Bafokeng.

UDrogba, 34, ukwaze kuphela ukushayela iqembu lakhe igoli elilodwa.

Leli bekubukeka sengathi yithuba lokugcina lokuthi uDrogba ajabulise izwe lakhe aphinde afeze iphupho lakhe, okwamanje akucacile noma usayophinda yini abe yingxenye yemidlalo ye-Afcon.

"Size eNingizimu Afrika sifuna into eyodwa vo, besifuna ukuwina," kusho umqeqeshi we-Ivory Coast uSabri Lamouchi.

"Leli bekuyithuba lokugcina kwabanye bethu."

Ngemuva kokushawa kweqembu, uDrogba usingathwe nguzakwabo adlala naye ku-Chelsea, uJohn Obi Mikel.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C a few showers. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Showers late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 17-23°C Morning clouds. Mild. PE: 17-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...