Inyukile iBafana ezibalweni zeFifa

2013-01-17 16:23

Johannesburg - Iqembu lesizwe iBafana Bafana selinyukele kunombolo-85 ngokwezibalo zenhlangano yebhola emhlabeni i-Fifa.

Lokhu kuvela nje sekusele isikhathi esingaphezudlwana kosuku kuqale imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon), iNingizimu Afrika izobhekana neCape Verde Islands emdlalweni wayo wokuqala we-Afcon.

IBafana iphinde yanyuka ezibalweni zamaqembu ase-Afrika, yangena kunombolo-22, nokho-ke njengoba iya kule midlalo, iyiqembu eliphansi kakhulu emazweni asemqhudelwaneni.

ICape Verde ingunombolo-70 emhlabeni, iMorocco ibe ngunombolo-74 kuthi i-Angola ibe ngunombolo-78.

Wonke la mazwe eseqoqweni elizobhekana neBafana, emidlalweni yokuhlunga abazoqhubeka nomqhudelwano.

ISpain sisalokhu sizihola phezulu kanti i-Ivory Coast nayo yiyo ephezulu emazweni ase-Africa.
 





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 6-16°C More sun than clouds. Cool. Bloem: 4-18°C High level clouds. Mild.
Dbn: 12-20°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 12-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...