Inhliziyo ka-Igesund isasele kuPienaar

2012-11-06 14:01

Johannesburg - Akungabazeki nje ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund angathanda ukubona lowo owayengukaputeni uSteven Pienaar ubuyela eqenjini lesizwe, kubika iFootball411.com.

NgoMsombuluko u-Igesund umemezele isikwati esizobhekana neZambia koweNelson Mandela Challenge, ngaphambi kokuhambela eNgilandi ukuyohlangana nabadlali bakuleli abazinze kuleliya lizwe.

Uzobe exoxisana no-Andrew Surman noDavide Somma.

Kanti kulolu hambo uzophinde ahlangane noPienaar.

U-Igesund uthi inhloso yakhe akukhona ukuthi ancenge uPienaar ukuba abuyele kuBafana, kodwa uyomcebisa ekutheni uma ezisola ngesinqumo sakhe ithuba lisekhona.

"Kimina uSteven Pienaar, ubelindizisela phezulu ifulegi lezwe. Ngicabanga ukuthi kuhle ukuthi ngiyoxoxisana naye," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...