Inhlansi yethemba ngeBafana - Nematandani
2012-09-14 11:01
Johannesburg - Yize abaningi bethi iqembu ebelidlala neBafana Bafana belingekho ezingeni elikahle, umengameli weSA Football Association uKirsten Nematandani uthi iqembu lesizwe liyathembisa kulandela imidlalo emibili yobungani kule nyanga.
IBrazil eyayibukeka ingekho efomini yawina kanzima ngo 1-0 ngesikhathi ibhekene neBafana eSao Paulo ngesonto eledlule, kanti iMozambique yona yayingenabo abadlali bayo abanohlonze ngesikhathi iguqiswa ngo 2-0 yiBafana eNelspruit ngoLwesibili.
UNematandani uthi kubonakala kuzoba noshintsho ngaphansi kwesandla somqeqeshi omusha uGordon Igesund.
“Ngicabanga ukuthi abafana bebedlala ibhola elimnandi,” kusho uNematandani.
"Ngichazeke kakhulu ngoDean Furman obeqala ukubizwa. Udlale ibhola elihle," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA