Ingase ingayi kweyeWorld Cup iZim

2013-01-03 15:03
Yabelani Shicilela

Harare - IZimbabwe kungenzeka iphoqeleke ukuba ingayidlali eyokuhlungela imidlalo yendebe yomhlaba ka-2014 njengoba inhlangano eyengamele ibhola khona, ingenayo imali yokuyodlala umdlalo wayo eGibhithe ngoMashi, kusho isikhulu esiphezulu ngoLwesine.

"Azikho izimali zokukhokhela izindleko zokuhamba nokunye okubalulekile," kusho iphini likamengameli weZimbabwe Football Association (ZIFA) uNdumiso Gumede.

"Sesinqume ukungabi yingxenye yemidlalo yamazwe, ngaphandle uma uhulumeni engenelela."

Inhlangano yebhola inezikweletu ezingafika ku-$4 million (three million euro) ezingakhokhiwe ngezindawo zokulala, ezokuthutha kanye nokunye, okuyizikweletu ezidaleke eminyakeni eminingi eyedlule.

Inhlangano phambilini ibisizwa ngumengameli wayo, uCuthbert Dube, kanye nenkampane yedayimane iMbada Diamonds.

Isikhulu seFiFa kwezokuthukukiswa kwebhola emazweni eseningizimu ne-Afrika u-Africa Ashford Mamelodi, waseBotswana, kanye nabezimali babanomhlangano neZIFA.

UGumede akachazanga ngemininingwane yomhlangano.

"Angiyihambelanga imihlangano ngakho angeke ngikwazi ukunaba ngayo, kusho yena.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 15-25°C Mostly sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...