Imiphumelo yokusebenza kanzima iyabonakala - Zwane

2015-08-21 14:34

Cape Town - Umdlali wasesiswini weMamelosi Sundowns uThemba Zwane uveze ukuthi uyakujabulela ukubuyela eqenjini lesizwe elizodlala neMauritiana ngenyanga ezayo.

Lo mdlali odabuka eTembisa uthe ukubizwa kwakhe eqenjini leBafana Bafana kuyimiphumela lokusebenza kanzima.

UZwane utshele iSport24 ukuthi ukusebenza kanzima eqenjini lakhe yikhona okuholele ekutheni abizelwe eqenjini lesizwe.

OLUNYE UDABA: Abaxhasi beCeltic bazongcwaba umlandeli

"Uma usebenza kanzima imiphumela iyazizela, ngiyajabula ukuthi sekuqalile ukubonakala ukuzikhandla kwami."

"Kuzomele ngiqhubeke nokusebenza kanzima ngikhiqize imiphumela emihle yeqembu lami neqembu lesizwe."

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uthe uhlale ekulangazelele ukudlalela iqembu lesizwe ngasosonke isikhathi. 

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News 24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...