Imibiko ithi i-FBI isezithendeni zikaBlatter

2015-06-03 07:02

New York - I-FBI nabashushisi baseMelika baphenya lowo obengumengameli we-FIFA osesulile esikhudleni uSepp Blatter, kusho umbiko.

UBlatter umangaze amazingi ngoLwesibili ngesikhathi ememezela ukuthi uyashiya esikhundleni sakhe kusaphele izinsuku eziyisithupha nje kuphela eqokelwe kuso futhi.

UBlatter, 79, umemezele ngokushiya kwakhe ngemuva kwezinsuku eziyisithupha amaphoyisa e-FBI ebophe izikhulu ze-FIFA ezisolwa ngenkohlakalo.

OLUNYE UDABA: UBlatter uthembise ngokubuyisa isithunzi se-FIFA

UBlatter ubeseqokelwe ihlandla lesihlanu ukuhola le nhlangano yebhola lezinyawo ngaphambi kokunquma ukuthi ashenxe.

“Angicabangi ukuthi ngesekwa yizona zonke izinhlaka zebhola lezinyawo emhlabeni jikelele, ngakho ngibone kukuhle ukuthi ngibeke phansi izintambo,” esho, ngemuva kokuqhoqhobala lesi sikhundla iminyaka engu-17.

- Reuters

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...