Ilahlekelwe iLimpopo - Undunankulu

2012-11-12 16:25

Johanneburg - Ukufa kulahlekisele isifundazwe iLimpopo kanjalo nebhola lonkana likanobhutshuzwano ikhono elimangalisayo, kusho uNdunakulu wesifundazwe uCassel Mathale, ngoMsombuluko, ngemuva kokuthi kushone abadlali bebhola abane.

"Ukufa sekuphindile futhi kwathatha abadlali abancane abanekhono, bekusafanele bazobonakalise. Sengathi bengalala ngokuthula," kusho uMathale esitatimendeni.

Abadlali bebhola abane bashonile engozini yomgwaqo ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo ishayisana neveni, ngeSonto ebusuku.

Bashona laba nje, kungekudala kushone umelekeleli womqeqeshi weBafana Bafana uThomas Madigage, naye odabuka eLimpopo, imoto kaMadigage yaba sengozini yomgwaqo ngaseBurgersfort, ngenyanga eyedlule.

"Kumele sihlale siqaphele emgwaqeni, siqinisekise ukuthi yonke imithetho yomgwaqo iyalandelwa futhi singabashayeli siyahloniphana," kusho undunankulu.

UNgqongqoshe woMnyango wezemiDlalo uFikile Mbalula, naye uzwakalise ukuphoxeka ngokushona kwalaba badlali wathi iNingizimu Afrika ilahlekelwe.

“Ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe kanjalo nakwiPolokwane City Football Club, sengathi bengaqina ngalesi sikhathi esinzima. Abalimele nabo sengathi bengalulama ngokushesha," kusho uMbalula.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...