Ibhola lidinga isayensi - Mbalula

2013-02-04 16:21

Johannesburg - Kumele iSA Football Association (Safa) iqhamuke nezindlela ezinobunyoninco besayensi, uma ifuna ukubona iqembu lesizwe liqhubeka likwazi ukubhekana nemiqhudelwano esezingeni eliphezulu, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezemiDlalo uFikile Mbalula.

Sizozama ukuthola ubuchule nosizo lwesayensi kubantu abacabanga ngokushesha. Kumele senze konke ukuqinisekisa ukuthi silekelela abadlali bethu ngobuchwepheshe nangakho konke okunye. Kumele abadlali baphekwe besasenkulisa kuze bezokwazi ukudlala imidlalo ecokeme," kusho uMbalula ngoMsombuluko.

Ngokwezibalo zeFIFA, iBafana Bafana ilele kunombolo-22 emazweni ase-Afrika, ibe ngunombolo-85 emhlabeni.

"Lesi yisikhathi sokuthi izinhlaka nezinkakha zibuyele ematafuleni kubhekwe ukuthi kungenziwa njani ukusiza. Kuyabonakala ukuthi likhona ithemba, kumele kufundwe isifundo emidlalweni ye-Africa Cup of Nations, kuze sizokwazi ukungena emidlalweni yendebe yomhlaba ka-2014.

IBafana ishaywe yiMali ngo 2-1 kowamaQuaterfinals e-Afcon, ngoMgqibelo eThekwini.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C High level clouds. Warm. PE: 16-23°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...