IZim ifuna uwobungani neBafana

2013-02-18 14:03

Johannesburg -  IBafana Bafana isimenywe ukuba idlale neZimbabwe ngo-Ephreli 18 emdlalweni wobungani ozoba seHarare.

Inhlangano eyengamele ibhola eZimbabwe, iZimbabwe Football Association (ZIFA) inethemba lokuthi iSAFA izosamukelo isimemo somdlalo, okuhloswe ngawo ukugubha iminyaka engu-33 leliya lizwe lathola inkululeko.

“Manje akusafani nakuqala lapho khona amaqembu adlala kuPremiership ebencintisana ngendebe eyayaziwa nge-Independence Trophy, sizomema iqembu langaphandle elizodlala nama-Warriors,” kusho isikhulu esiphezulu se-ZIFA sitshela iThe Standard.

“Iningizimu Afrika yilona zwe esilimemile.”

Iqembu iBafana kanye neZimbabwe ngenyanga ezayo azodlala imidlalo yokuhlungela eyendebe yomhlaba ka-2014.

IZimbabwe, ehlule iBotswana ngo 2-1 muva nje kowobungani eHarare, izodlala neGibhithe, kuthi iBafana yona idlale neCentral African Republic.

Uma umdlalo wobungani phakathi kwalamaqembu womabili usuqinisekisiwe, umqeqeshi weBafana uGordon Igesund uzothola ithuba lokuhlola abadlali bakhe ngaphambi kowokuhlungwa.

Kodwa okwamanje akukacaci noma lo mdlalo uzoba khona noma cha.

“Okwamanje okukho okusezinhlelweni zethu okusho ukuthi sizoba nawo umdlalo neZimbabwe,” kusho umqondisi wezokuxhumana kwi-SAFA, uDominic Chimhavi, etshela iKickOff.com.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...