ISwallows iphebeze amahlebezi ngoMarques

2012-12-06 14:02

Johannesburg - Isikhulu seMoroka Swallows, uLeon Prins, siwaphebezile amahlebezi okuthi akusensuku zatshwala ijazi likamqeqeshi uZeca Marques ligcwale umoya.

Kugcwele ezinkundleni zokuxhumana ezifana noTwitter noFacebook ukuthi uMarques angase ajeze ngokungadlali kahle kweqembu kamuva, njengoba sekuphele izinyanga ezine engene ezicathulweni zikaGordon Igesund, kanti sekuphele izinyanga ezimbili anqoba iMTN8 naleli qembu.

IZinyoni azidlali kahle kuPremiership njengoba zingawinanga emidlalweni eyisikhombisa, kanti zihleli kunombolo 11 ohlwini lweligi.

Yize evuma ukuthi iqembu lakhe lidonsa kanzima, uPrins uthe kungukuphambuka kodwa ukuthi kuthiwe kuzoxoshwa uMarques.

“Cha, uZeca ngeke axoshwe, ngamampunge nje lawo,” kusho uPrins etshela iKickOff.com.

“Yebo, asidlali kahle, sibheke ekutheni abantu bakhuphule amasokisi, kodwa uZeca Marques akayi ndawo.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 20-31°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 18-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...