ISundowns izozikhotha amanxeba

2012-11-20 12:06

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uJohan Neeskens ukholelwa ekutheni akusensuku zatshwala amaBrazilians avuke azithuntuthe asuke emsileni wePremiership aphindele ekunqobeni imidlalo.

IDowns, nesanda kunqoba iSuperSport United koweTelkom Knockout ngempelasonto, izotholana phezulu maMaZulu koweligi ePitoli ngoLwesithathu ebusuku.

"Izinto azisihambeli kahle kuligi, sonke siyakwazi lokho," kusho uNeeskens ngaphambi kwalo mdlalo.

"Nabo bayazifanela nje nathi.

"Kodwa nginethemba lokuthi sizovuka sizithathe njengoba sisathembana sisodwa, uma sisebenza ngokuzimisela siya kude.

"Silindele umdlalo onzima njengoba sibhekene neqembu elizimiselayo,” esho.

"Kumele nathi singalilahli ithemba. Yiyona ndlela esingaphuma ngayo kulolu taku esikulona.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-26°C Sunny. Mild. PE: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...