ISundowns izingela umdlali waseZambia

2013-07-31 12:02

Johannesburg - Izindaba ezihogele ngabeSiya Crew zithi iMamelodi Sundowns ifuna phansi phezulu umdlali waseZambia ogijima esiswini, uBornwell Mwape.

Lo mdlali osemncane ubeseqenjini leChipolopolo ebelibambe iqhaza emqhudelwaneni weCosafa Cup kanti, ngokusho kwemithombo ethembekile, izinhloli zeSundowns ezazihambele lo mqhudelwane zachazeka ngendlela adlala ngayo.

Kukholakala ukuthi leli qembu elidla izambane likapondo lizama ukumthola lo mdlali njengoba lifuna ukuqinisa iqembu.

UMwape njengamanje udlalela iqembu iNchanga Rangers kanti ubonakala njengomdlali osazokwenza ezibukwayo ebholeni laseZambia.
 
KwiSoccer-Laduma yakuleli sonto, sivezelwa nezinhlelo zaleli qembu zokusayinisa omunye futhi umdlali waseZambia odlala esiswini, uMukuka Mulenga, kanti futhi uma noMwape naye esayina, bazophinde badlale ndawonye kuSundwons njengoba bedlala naseqenjini lesizwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...