ISundowns iyakudinga ukuhlonishwa - Larsen

2012-11-19 07:56

Johannesburg - Umqeqeshi weBloemfontein Celtic, uClinton Larsen uthi bazoyihlonipha iMamelodi Sundowns uma sebebhekene nayo kowamanqamu eTelkom KnockOut ngoDisemba 1, kubika iKickOff.com.

ICeltic idlulele kowamanqamu ngokushaya iFree State Stars ngo 3-2 emdlalweni obuseCharles Mopeli Stadium ngeSonto.

Kanti iSundowns yona yashaya iSuperSport United ngo 1-0 ngoMgqibelo.

ISundowns isemsileni weligi ngamaphuzu ayisithupha emdlalweni eyishumi, kodwa nakuba kunjalo uLarsen uthi amaBrazilians kuzoba nzima ukudlula kuwona.

“Ngihlale ngisho ukuthi iSundowns iyiqembu elisezingeni eliphezulu futhi lokho ikukhombisile ngokushaya iSuperSport. Babukeka beyiqembu eliphezulu kodwa thina sizogxila emdlalweni wethu ukuze siqinisekise ukuthi senza okungangamandla ethu," kusho uLarsen.

ISiwelele sashaya i-Orlando Pirates neFree State Stars ngesikhathi isazicabela indlela ebheke kowamanqamu.

ULarsen uthi okwamanje usazogxila kakhulu emidlalweni yabo elandelayo yeligi.

“Okuningi sesikuphothulile ngokudlulela kowamanqamu,” usho kanje.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-25°C Isolated tstorms. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 14-19°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-21°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...