ISundowns ibambe umoya ngabalimele
2013-02-22 14:02
Pretoria - IMamelodi Sundowns ilinde ukuhlolwa kwabadlali abane abahamba phambili abathole ukulimala ngaphambi komdlalo weNedbank Cup ne-Ajax Cape Town kusihlwa, kubika iKickOf.com.
UTeko Modise, Anthony Laffor, Method Mwanjali noJabulani
Shongwe bathole ukulimala okungatheni ngesikhathi iSundowns idlala neGolden
Arrows koweligi, bajoyine oCalvin Marlin, Dennis Onyango, Lebohang
Mokoena, Ramahlwe Mphahlele noPunch Masenamela nabo abasalulama.
“Udokotela weMamelodi Sundowns uhlalelwe umsebenzi onzima wokuhlola abadlali bakaPitso Mosimane ngaphambi kokweNedbank Cup Last 32,” kubika iqembu ku-website yalo.
UShongwe ulimale onyaweni, kodwa i-X-ray iveze ukuthi “ukulimala kwakhe akukubi njengoba bekucatshangwa".
ULaffor uthole ukulimala ezimbanjeni, uModise edolweni kuthi uMwanjali yena washayeka esinqeni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24