IStars isiqashe umqeqeshi wonozinti omusha

2014-10-27 14:32

Johannesburg – Iqembu eligijima kwi-Absa Premiaership Free State Stars liqoke umqeqeshi omusha wonozinti u-Jo Skock.  

UStock oneminyaka engu-51 ubudala ungena esikhaleni sika-Andre Bronkhorst owesule emasontweni amabili adlule ngezizathu ezingadalulwanga.

OLUNYE UDABA: I-FS Stars ishaye iSundowns

Umbiko weKickOff uveze ukuthi uStock uke wasebenza nomqeqeshi weStars uTom Saintfiet phambilini ngesikhathi beqeqesha iqembu lesizwe laseYemeni.

“Ugogode kakhulu kwezokuqeqesha konozinti kanti unesipiliyoni esanele futhi angingabazi ukuthi uzokwenza umsebenzi oncomekayo ukuthuthukisa onozinti bethu ,” kusho uSaintfiet kwiwebsite yaleli qembu.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...