ISpain iqophe umlando
2012-07-02 07:13
Kiev - ISpain ingompetha be-Euro 2012 emuva kokunqoba okuphule irekhodi ngesikhathi ibhaxabula i-Italy ngo 4-0 emdlalweni wamanqamu e-Olympic Stadium, eKiev ngeSonto.
Amaqembu amakhulu ahlale efuna ukuba ngamasinamuva, nangempela iSpain yenze njalo emuba kokugxekwa izikhawu eziningi ngebhola elidlalayo njengoba abaningi bebekhala ngokuthi liyazelisa.
Icala likaVicente del Bosque belilokhu lihluleka ukudlala ibhola eliyingcwenga kodwa koke kubuyele emgqeni ngeSonto.
Ukuwina ngamagoli amangaka yinto eqatshukwayo emidlalweni yamanqamu kweyeNdebe yoMhlaba noma i-European Championship.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters