ISafa yamukele isigwebo sikaSetshedi
2013-02-13 14:02
Johannesburg - Inhlangano yebhola iSA Football Association seyamukele isigwebo seminyaka emithathu esinikwe loyo owabe engumelekeleli wemenenja yeBafana Bafana uPhil Setshedi, olahlwe yicala lokudayisa umdlalo.
"Lokhu kuyaphinda futhi kuthumela umlayezo nesexwayiso kwabanye abacabanga ukwenza inkohlakalo nokuziphatha ngendlela engafanelekile," kusho umengameli weSafa uKirsten Nematandani.
"Sikanye ne-Fifa (Fédération Internationale de
Football Association), simelene nenkohlakalo yokuthengiswa kwemidlalo futhi sifuna ukuxwayisa izigilamkhuba ukuthi umthetho angeke ube nozwelo kuzo."
USetshedi ugwetshwe ngoLwesibili, eBellville
Specialised Commercial Crime Court, walengiselwa iminyaka emihlanu.
IMantshi uS Sonnenberg uthe akukhathaleki ukuthi ummangalelwa uyaqala ukuphula umthetho, esho ephendula ummeli wakhe uMarcello Steven, obecela ukuthi isigwebo sonke silengiswe, ethi ummangalelwa uyaqala ukuthi atholakale enecala.
USetshedi, 57, wakhipha imali engu-R2000 ethi ugwazela unompempe kanti kwabe kuyiphoyisa elididisa umkhondo, lokhu kwenzeka ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yeVodacom Tournament, ngo-2011.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA