ISafa ithi iyamethemba u-Igesund
2013-01-30 16:36
Johannesburg - Inhlangano yebhola iSouth African Football Association ithi inamathemba okuthi umqeqeshi weBafan Bafana uGordon Igesund, uzokwazi ukwenza umsebenzi aqashelwe wona, okungukufikisa iqembu kowandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations.
Lokhu kuyizinkomba zokuthi uphephile umsebenzi ka-Igesund.
IBafana isanda kudlala ngokulingana neMorocco, umdlalo waphela ngo 2-2, kulindeleke ukuthi ngoMgqibelo ibhekane neMali, eMoses Mabhida eThekwini.
Ngesikhathi u-Igesund eqashwa, wanikwa umyalelo wokuthi afikise iqembu kowandulela owamanqamu, aphinde aqinisekise ukuthi liyaphumelela ukungenela umdlalo wendebe yomhlaba ka-2014, eBrazil.
Okhulumela iSafa uDominic Chimhavi akafunanga ukuqinisekisa ngomsebenzi ka-Igesund, phezu kokuthi kusabalale imibiko ethi uphephile umsebenzi wakhe.
"Uhlalelwe wumsebenzi wokuyisa iqembu kumaSemi-Finals e-Afcon aphinde alifikise kowe-2014 World Cup," kusho uChimhavi.
"Uyingxenye yezinhlelo zethu, siyamethemba ukuthi angeke umehlule lo msebenzi."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).