ISafa ishwelezela abadlali base-Ivory Coast

2013-12-10 14:03

Johnnesburg - Inhlangano yebhola eNingizimu Afrika, ishwelezela abadlali abadabuka e-Ivory Coast, uDidier Drogba no-Emmanuel Eboue, abaphula imigomo kasoseshini webhola eTurkey, bakhumula izikibha kwavela amavesta abhalwe imilayezo kaNelson Mandela.

Ngokusho kwabezindaba zeDaily Mail, uDrogba no-Eboue baveza izikibha ezibhelwe ukuthi: “Thank you, Madiba”, nokuthi: “Rest in Peace, Nelson Mandela.”

Isikhulu esiphezulu kwi-Safa, uDominic Chimhavi, uthe yize noma beyiqonda imigomo yeFifa, bayanxusa ukuthi usoseshini ube nozwelo uma ugweba laba badlali.

“Siyacela bashaywe ngoswazi oluncane, benze lokhu benganyelwe ubuhlungu bokulahlekelwa nguMadiba."

“UMandela uthinte izimpilo zabantu abaningi, bebekhombisa ukudabuka bakhumula izikipha zabo."

UNgqongqoshe wezemiDlalo ezweni, u-In Ankara, uthi ngokwakhe akasiboni isidingo sokuhlawuliswa kwabadlali, uthi abakwenzile bekungukukhombisa ukudabuka kwabo.



 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...