ISafa ilwa nabazehlisa iminyaka

2012-11-27 14:02

Johannesburg - Inhlangano yebhola yakuleli iSouth African Football Association isihambe olude ukhalo emizamweni yayo yokulwa nokuzehlisa iminyaka kwabadlali.

Isikhulu esiphezulu seSafa uRobin Petersen uthi babe nesivumelwano nabeGerman Football Association, sokuthi basebenzise imishini yabo esezingeni eliphezulu, imishini izoqala ukusetshenziswa ngonyaka ozayo, uma kudlalwa imidlalo yezifunda nezifundazwe.

Imishini izophinda iqinisekise ukuthi okungenani abadlali abangu-3 million bazobhalisa ngokusemthethweni, kube abaqeqeshi nabasizi babo, kuphinde kubhaliswe amaqembu okungenani angu-20 000.

"Lokhu kuzosiza kakhulu ekulweni nokuzehlisa kweminyaka kwabadlali, abadlali bazobhaliswa besebancane. Angeke neze kube lula ukuthi belokhu beshintshashitsha iminyaka yabo," kusho uPetersen etshela abezindaba zeSowetan.

"Sichithe izinyanga ezingu-18 sicwaninga uhlelo oluhamba phambili emhlabeni, sinqume ukusebenzisa imishini lena yaseGermany."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...