ISAFA ishaqekile ngokushona kukaMadigage
2012-10-19 10:04
Johannesburg - Umengameli weSAFA uKirsten Nematandani uthe bashaqekile ngokudlula emhlabeni kwesekela lomqeqeshi weBafana Bafana uThomas Madigage.
UMadigage, 41, ushone engozini yemoto ngaseBurgersfort, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesihlanu ekuseni.
"Singaqinisekisa ukuthi ushone izolo ebusuku ngabo-22:00," kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.
UMadigage ubehamba yedwa ngemoto yakhe kuR37 --
phakathi kwePolokwane neBurgersfort -- ngesikhathi imbongolo iwela
umgwaqo, yase imoto iyaphaphalaza.
UMulaudzi udlulisele amazwi enduduzo emndenini wakwaMadigage nakwezebhola kuleli
UMadigage,
ubese esebenze isikhathi eside neqembu i-SuperSport United,
kanti waqokelwa kwesesekela likaGordon Igesund ngoJulayi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA