'IPirates kumele inake oweNedbank'

2012-03-06 16:45

Johannesburg - Isitobha seqembu i-Orlando Pirates uBenson Mhlongo uthi kumele abadlali basheshe baxolise izinhliziyo ngokukhishwa kwabo emdlalweni we-CAF Champions League, kubika iKickOff.com.

UMhlongo uthi abadlali abaxolise izinhliziyo balindele ukudlala kahle koweNedbank Cup.

AmaBhakabhaka ashawa emzuliswanenni wokuqala edliwa yiqembu lase Angola iRecreativo de Libolo.

Ngempelasonto eZimnyama ngenkani zizobhekana neqembu elingaziwa laseThekwini iThekwini Coastal emdlalweni weNedbank Cup.

UMhlongo uthi bazobuyela ekunqobeni imidlalo.

“Kuningi esesikwenzile kwiligi, makuza impelasonto konke ukuzinikela sizokubhekisa kwiNedbank Cup, sidlale njengabantu abavikela isicoco"

“Sibhekene nomthwalo onzima, angeke silibukele phansi leli qembu ngoba lingadumile"

“Sizokwenza konke ukunqoba lo mdllalo."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...