IPirates inikeze uBenni inkontileka entsha
2012-10-31 10:10
Johannesburg - IKickOff.com iveze ukuthi i-Orlando Pirates isiqalise izingxoxo zenkontileka entsha noBenni McCarthy.
Inkontileka kaMcCarthy izophela ngoJuni ngonyaka ozayo, kodwa nakuba ethole ukulima muva nje, iqembu lakhe lizimisele ngokumgcina.
Ngokusho kosondelene neqembu kanye nalo mgadli, iPirates ifuna ngokuhamba kwesikhathi ukumfaka kwezokumaketha iqembu lo mdlali.
“UBenni uyakuthakasela ukuba kuPirates,” kusho umthombo wethu.
"IPirates kukhona esikubeke etafuleni kanti wonke umuntu ujabule ngokubekiwe. Sekufana nento esiphothuliwe."
IPirates isilule inkontileka yomdlali wasemuva uHappy Jele kuze kube u-2015.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24