IPirates ibhekwe yisambane

2013-02-27 07:40

Johannesburg - I-Orlando Pirates isigwinye amagoli ayisikhombisa emidlalweni emibili, njengoba iMoroka Swallows ingazibekanga phansi yathatha wonke amaphuzu amathathu ngoLwesibili kusihlwa, kubika iKickOff.com.

Igoli likaSifiso Myeni alifake zisuka amadaka ne-penalty ka-Andile Jali awazange ayisize iBhakabhaka ngemuva kokuthi uKatlego Mashego, Lefa Tsutsulupa noLerato Chabangu bebusise iZinyoni ngamagoli.

IPirates yemukwe yithuba lokuqhetha esicongweni sePremiership njengoba ihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu angu-40, ngemuva kweKaizer Chiefs ehola ngawu-42.

Labo shampeni bebenethemba lokuthi bazokhonya kulo mdlalo ngesikhathi uTakesure Chinyama ethumelela ibhola kuMyeni, nobe eselivalela enethini, lidlula uGreg Etafia.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ukhala ngoBacela uVV

Emizuzwini eyi-46 edlule
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...