IPSL icacise ngegoli le-Bucs koweSiwelele

2014-12-22 15:30

Johannesburg – Uzolinda kuze kushaye unyaka ozayo umgadli we-Orlando Pirates uKermit Erasmus ukuze ashaye igoli lesithupha ngemuva kokuba iPSL iveze ukuthi igoli ebekuthiwa lishaywe nguye kube ngeligwaze ekhaya kuBevan Fransman.

NgoMgqibelo ngesikhathi AmaBhakabhaka edlala neBloemfontein Celtic u-Erasmus washaya ibhola lashaya unyawo lukaFransman labe selingena phakathi.

Kulo mdlalo leli goli lanikezwa u-Erasmus.

OLUNYED UDABA: UTinkler ujabule ngoMajoro no-Erasmus

ULuxolo September wePSL utshele iSoccerLaduma ukuthi leli goli balibhalise njenge own goal kaFransman.

Okwamanje u-Erasmus oneminyaka engu-24 ubudala usashaye amagoli amahlanu kwiPSL emidlalweni engu-17.  

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...