INigeria yamukele amaqhawe e-Afcon

2013-02-13 07:37

Abuja - Iqembu lebhola laseNigeria litheleke ekhaya lamukelwa ngenkulu inhlokomo ngoLwesibili njengoba izinkulungwane zabantu bezibalinde ngabomvu emigwaqeni yezwe.

Iqembu liqede isomiso seminyaka engu-19 singayinuki indebe ye-African Nations Cup ngempelasonto.

“Ngijabule kakhulu ngalokhu engikubonayo. Bengingakulindele,” kusho umdlali wasemuva uJoseph Yobo etshela izintatheli ngesikhathi isikwati sibukisa ngendebe ebantwini bezwe abebegcwele kuvalwe ngomuntu emnyango enkundleni yezemidlalo.

“Angikhumbuli nangelilodwa ilanga samukelwa ngale ndlela. Impela ukunqoba kungumuzwa omnandi."

UMengameli Goodluck Jonathan uhlelele abadlali nethimba labaqeqeshi isiphihli sedili emzini wakhe kusihlwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Afternoon clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...