ILokeren inqabile ukukhulula uPatosi

2012-12-13 10:02

Johannesburg - Iphupho lika-Ayanda Patosi lokubonakala okokuqala egijima kuBafana Bafana uma isibhekene neMalawi lishabalele ngemuva kokunqaba kweqembu lakhe laseBelgium, iLokeren, ukumdedelela lo mdlalo wobungane, kubika iSowetan.

UPatosi ubebizwe okokuqala kulo mdlalo ozoba seMoses Mabhida Stadium ngoDisemba 22 kulandela ukudlala ngendlela encomekayo eBelgium, nalapho ekwazile ukuthatha izinhliziyo zabaningi kuligi.

ILokeren ithi ngeke ikwazi ukumdedela njengoba bezodlala neqembu likaDarren Keet, iKortrijk ngoDisemba 21.

"Ngeke simvumele ukuba ahambe, ubaluleke kakhulu eqenjini lethu," kusho umqondisi wezemidlalo kuLokeren uWilly Reynders. "Siyamdinga uPatosi uma sesitholana phezulu neKortrijk."

ILokeren ayiphoqiwe ukuba idedele uPatosi njengoba umdlalo weBafana neMalawi ungekho ezinhlelweni zeFIFA.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...